African Gospel Church : Mamu Mbili Singing Icilongo levangeli number 21 Lena' izulu ngeculo lami,
Автор: African Gospel Church Channel
Загружено: 2026-02-07
Просмотров: 207
Описание:
1. Lena' izulu ngeculo lami,
Ngithethelelwe izono zam'!
UJesu wafa 'ndaweni yami,
Izono zami zikude nam';
Njeng' enhlukano yempumalanga,
Nentshonalanga, zikude le.
Ushilo njalo, akanamanga,
Ngithemba kuye, ngimbonga nje.
2.Sengiyahamba ekukhanyeni,
Igazi liyangihlanza, qhwa.
Uyangigcina nasothandweni,
Ngiphathwa njalo ngomusa, dwa.
Noma ngiyize la' othulini,
Ngiyindlalifa yeNkosi le.
Imfuyo yami isezulwini,
Igcinwe kahle impela, he!
3.Nalenjabulo esenginayo
Ngingeyaphucwe ngumuntu, qha.
Noma ngihlezi ngizindla ngayo.
Imiyalo yakhe inzima na?
Uhlala kimi, ngihlala kuye,
Nguyen' owenz' umsebenzi la,
Kozinikela, aphathwe nguye,
Uyamnqobela nezitha nya.
4.Anduba ngiyakumbona khona
Ekhaya lakhe, phezulu ha.
Bazokhanyis' okwelanga bona
Abamlandel' emhlabeni la.
Yebo-ke nawe ongakakholwa,
Uyabizelw' enhlanhleni bo;
Lomus' ongaka sewugatholwa,
Wanele bonke umusa lo.
Повторяем попытку...
Доступные форматы для скачивания:
Скачать видео
-
Информация по загрузке: