Ukhozi FM TV: Tony Kgoroge
Автор: Ukhozi FM TV
Загружено: 2023-05-12
Просмотров: 784
Описание:
Le ngosi eyakho ofisa ukungena kumkhakha kwezokulingisa (Acting).
Ukhozi FM TV noSiya Mhlongo kanye noNeliswa Cele abathole ithuba lokuba nengxoxo ekhethekile nongumlingisi futhi ongomunye osenze umsebenzi omkhulu kwezolungisa kuleli, uTony Kgoroge.
Kulengxoxo usicobelela ngolwazi olunzulu ngokulingisa kanye nenqubekela phambili yemboni yezokulingisa eNingizimu Afrika. Sibheka okuningi okuthinta ukulingisa, sifunda nokuthi uzilungiselela kanjani ukuthi udlale umuntu ophila impilo ehluke kakhulu ukuneyakho.
Uthi kulemnyaka ekwimboni yokulingisa, kuningi okushintshile. Usichazela kabanzi ngokushintshile esikhathini samanje.
Usixoxela ngokulingisa kwakhe kumdlalo - Imbewu. Uthi njengoba engesiye umzulu, kwakunzima kakhulu njengoba bekumele akhulume isiZulu aphinde akwazi ukuzwakala njengomuntu ongumzulu.
UTony uthi uthanda indlela amaZulu aziqhenya ngayo ngesintu sawo.
Usithi fahla kancane ngempilo yakho kanye nonkosikazi wakhe, naye ongumlingisi uSthandiwe Kgoroge.
Kuningi esikufunda kulengxoxo ngomlingisi uTony kanye nangomkhakha wokulingisa.
#UkhoziFMTV #UkhoziFM #TonyKgoroge
Повторяем попытку...
Доступные форматы для скачивания:
Скачать видео
-
Информация по загрузке: